CIPC Home Page
 Start Here...
 Customer Log In
UserName: Password:
Enter code as shown above:

Bank Customer
 Enterprise Enquiry
Enterprise Name:

Enterprise number:
//
 Name Search
Enter the enterprise name you wish to search for...
Search Operators

      Logged in as:
 
  
 
 
 
 
English Version | Setswana Version | Afrikaans Version
Ukuvuselela

Isikhathi Sokubhalisela I-Trade Mark

Iminyaka engu-10 kusukela ngosuku lwesicelo, okungabuye kuvuselelwe noma nini isikhathi esiyiminyaka engu-10 uma kukhokhwa imali yokuvuselela ezinyangeni ezingu-6 zokugcina zokubhalisa (noma izinyanga ezingu-6 emva kokuphelelwa yisikhathi uma sekukhokhwe imali engaphezulu)

Inqubo 

  1. Isikhumbuzo Sokuvuselela sizothunyelwa kuwe yiHhovisi, izinyanga eziyisithupha ngaphambi kosuku lokuphelelwa yisikhathi. Obhalisayo kodwa naye unesibopho sokuqinisekisa ukuthi ukubhalisa akuphelelwa yisikhathi.

  2. Gcwalisa ifomu TM 5 ngeduplikhethi nemali engu- R260.00 ngaphambi noma ngosuku lokuphelelwa yisikhathi.

  3. Uma ukuvuselelwa kwenziwa ezinyangeni eziyisithupha emva kosuku lokuphelelwa yisikhathi, enye imali eyinhlawulo engu- R48.00 kufanele ikhokhwe.

  4. Uma ukuvuselela kwenziwe sekuphele izinyanga eziyisithupha emva kosuku lokuphelelwa yisikhathi inhlawulo engaphezulu ngu- R145.00 + R260.00

Ukubuyiselwa: Uma kwenzeka ungakhokhi izimali zokuvuselela ngesikhathi esibekiwe, i-trade mark yakho izophela futhi ikhishwe oHlwini !

Ukubuyiselwa

  • Uma ufuna ukubuyisela i-trade mark yakho esiphelile (esusiwe), kufanele ulandele inqubo yokubuyisela njengoba ibekwe nguMthetho.
  • Uma ufuna ukubuyisela i-trade mark yakho esiphelile (esusiwe), kufanele ulandele inqubo yokubuyisela njengoba ibekwe nguMthetho
  1. Gcwalisa ifomu TM 2 nesiqinisekiso sokukhokhwa kwemali engu-R190.00 ngokohlobo kanye / noma i-trade mark yokuCinga Okuyisipesheni ukuthola ukuthi akekho yini omunye osefake isicelo se-trade mark efanayo ngesikhathi i-trade mark yakho isamisiwe.

  2. Uma ingekho i-mark efakiwe, gcwalisa ifomu TM 5 ebese ukhokha imali yokubuyisela engu-R405.00

  3. Isitatimende Secala noma i-Afidavithi kufanele ifakwe esicelweni echaza ukuthi kungani imali yokuvuslelela ikhokhwe emva kwesikhathi.

  4. Uma isicelo sokubuyisela sesilungisiwe, isaziso sokushicilela kwi-Patent Journal sizothunyelwa kofake isicelo. Sicela wazi ukuthi umsebenzi wokushicilela leso saziso usemahlombe omnikazi we-trade mark.

  5. Uma kungabanga bikho ukuphikisa ezinyangeni ezintathu, ukubuyiselwa kuzoqedelwa.


Terms and Conditions
and Privacy Statement Copyright © CIPC 2011