CIPC Home Page
 Start Here...
 Customer Log In
UserName: Password:
Enter code as shown above:

Bank Customer
 Enterprise Enquiry
Enterprise Name:

Enterprise number:
//
 Name Search
Enter the enterprise name you wish to search for...
Search Operators

      Logged in as:
 
  
 
 
 
 
Tswana Version | English Version | Afrikaans Version
Ukuphikisa

Umthetho 52 (1) ubeka ukuthi wonke umuntu ophikisa i-trade mark angacela uMbhalisi ukuba angasikhiphi isitifiketi kuze kuphele izinyanga ezintathu. Isicelo singaphikiswa ezinyangeni ezintathu kusukela ngosuku lokukhangisa kwi-Patent Journal.

Ifomu esetshenziswe ukwazisa umbhalisi ngenhloso yokuphikisa iFomu TM 3 - - imali engu R260.00 yaleyo naleyo trade mark. Ikhophi yesaziso senhloso yokuphikisa kufanele inikwe wonke umuntu ombandakenyakayo. Ombandakenyekayo kungaba ngumuntu oneqhaza elibonakalayo noma elifihlekile, ngokwempahla noma ngokwemali.

Ofaka isicelo kufanele akhethe ikheli lokusebenzela lapho ezokwamukela khona isaziso namanye amadokhumende. Owemukela isicelo kufanele azise ofaka isicelo noMbhalisi, ngokubhalwe phansi, ukuthi uyafisa yini ukumelana nokuphikisa. Usuku kufanele lubekwe lapho kuzolalelwa khona ukuphikisa phambi koMbhalisi.

Umthetho 19(2) (d): ofaka isicelo sokubhalisa i-mark unikwa inyanga eyodwa ukunika isaziso sokuthi ufuna ukuzivikela. IFomu TM 4 isetshenziselwa le nhloso - imali engu- R48.00 yaleyo naleyo trade mark.

Sicela uqiniseke ukuthi uyayazi imibandela yomthetho 19 uma ungena ekuphikiseni

Amandla negunya loMbhalisi

UMthetho uthi uMbhalisi, ngokuhambisana nodaba oluphambi kwakhe, uzokuba namandla negunya njengoba linikwe ijaji ngalinye ekulaleleni isikhalazo kwi-Transvaal Provincial Division of the High Court

I-TM2 yeSaziso sokukhokhela Ukulalelwa – imali engu-R261.00

Inqubo

Ukulalela phambi koMbhalisi kuyefana nalokho okweniziwa eNkantolo Enkulu. Lapho udaba oluphambi kombhalisi lungaxazululeki, engaludlulisela udaba eNkantolo Enkulu noma athathe leso sinqumo esibonakala silungile futhi samukelekile.


Terms and Conditions
and Privacy Statement Copyright © CIPC 2011