| Start
Here... |
|
| Customer
Log In |
|
|
| Enterprise Enquiry |
|
| Name
Search |
|
|
|
|
|
Tswana Version | English Version | Afrikaans Version
-
Gcwalisa
ifomu TM1 ibe i-triplicate. Amakhophi amabili awokusetshenziswa yihhovisi kanti eyesithathu izobuyiselwa kofaka isicelo nenombolo yokubhaliswa njengobufakazi besicelo esifakiwe.
-
Imali yokubhalisa engu
R590.00 ikhokhelwa zonke zicelo.
Sicela wazi kufanele ufake isicelo esahlukile se-trade mark salelo nalelo class lempahla nemisebenzi ofuna ukuba ibe ne-trade mark. Isibonelo, uma ukhiqiza futhi udayisa izimoto, kufanele ufake izicelo ezimbili ze-trade mark:
esisodwa ku-class 12: izimoto, izinto ezihamba emhlabeni, emoyeni noma emanzini: nenye ku-class 35: ... ukudayisa impahla, ihholisela, ukungena nokuyisa kwamanye amazwe imisebenzi...
|
-
Ukwazi i-class lakho elifanele lempahla nemisebenzi yiya ku: Nice Classification - 9th edition ku http://www.wipo.int/classifications/fulltext/nice8/enmain.htm.
Noma, uze ehhovisi. Abasebenzi bethu bangakusiza ukukhetha i-class lempahla noma imisebenzi yakho.
-
Chaza i-class ku-Field 51 wefomu TM1.
-
Chaza zonke izimpahla nemisebenzi ozofisa ukuyisebenzisela i-trade mark ku- Field 57 wefomu TM1.
Qaphela ukuthi awufaki impahla noma imisebenzi engena ngaphansi kwama-class ehlukene esicelweni se-trade mark eyodwa. Uma wenze njalo, uzoyalwa ukuba uchibiyele okushilo ukufaka impahla noma imisebenzi engena ngaphansi kwe-class elilodwa kuphela, ebese kuthi okusele, ukufake ngaphansi kwesinye isicelo kabusha
-
U-Field 74 we-TM1 "ikheli lomsebenzi" yikheli lapho uzakwamukela khona konke ukuxhumana neHhovisi. Sicela uqinisekise, uma leli kheli lishintsha, ukuba wazise iHhovisi ngokucela “ukushintsha ikheli lokusebenza” kwifomu TM2.
-
Uma ungaqinisekile ukuthi kufanele wenzeni, sicela ubheke
i-SAMPLE TM1.
-
Uma isicelo sakho sihambisana nayo yonke imininingwane esemthethweni, isicelo sakho sizofakwa usuku lokufaka isicelo nenombolo yokufaka isicelo. Konke ukuxhumana neHhovisi kufanele kusebenzise leyo nombolo yokufaka isicelo njengesiqinisekiso.
-
NB: Ukucela i-trade mark eNingizimu Afrika, umthetho kaZwelonke udinga ukuba ube nekheli lokusebenza (i.e. ikheli leposi) ngaphakathi kwiRiphabhulikhi YaseNingizimu Afrika. Uma ungahlali eNingizimu Afrika kuzofuneka uthole i-agent ezokufakela isicelo se-trade mark. Ngokomthetho kaZwelonke, “i-agent” ekhethiwe kuzokuba i-patent agent ebhalise kanjalo no-CIPRO, noma umuntu owamukelwe njengommeli eRiphabhulikhi YaseNingizimu Afrika
-
Sicela ubuye ufake nekheli le e-mail nenombolo yocingo lapho ongatholakala khona uma kunesidingo sokwenza lokho
-
Uma isicelo sibhalwe ngesandla, sicela uqinisekise ukuthi uyayiPRINTA imininingwane kwifomu ngesandla esigqamile

|
|
|
|
|
|
|
|