|
QINISEKISA UKUTHI:
I-trade mark iyabhaliseka uma:
-
Ifeza
inhloso yokwehlukanisa impahla/imisebenzi yomunye umhwebi komunye
-
Ayifaki
uphawu olunganika, ekuhwebeni, uhlobo, ikhwalithi, ubuningi, inhloso, ubunjalo, indawo okuvelwa kuyo noma okunye okuchaza impahla noma imisebenzi yakho, noma indlela noma isikhathi sokukhiqizwa kwayo noma sokwenza umsebenzi
-
Ayisetshenziswa njengesiko emkhakheni wohwebo okulo
-
Ayifani nama-emblem avikelwe njengefulegi lesizwe noma amagugu esizwe njengesimo se-Table Mountain
-
Ayichukuluzi noma ayimelene nomthetho noma isimilo sempahla noma ikhohlise noma ngendlela yokusebenza
-
Awekho amalungelo okushayiswana nawo asevele ekhona.
Lokhu okulandela izibonelo zama-trade marks, angeke abhaliswe yihhovisi lethu, ngoba akachazeki. Ngenye indlela, ngeke athathwe ngokuthi angama-trade marks ahlukanisa impahla noma umsebenzi womunye umhwebi kuleyo yomunye umhwebi ngakho angeke abhaliswe.
Isibonelo 1: "24 Hours"
"24 HOURS" ngeke ubhaliswe njenge-trade mark, ngenxa yokuthi lokhu kufanelwe kusetshenziswe yiwo wonke umuntu ngokuthanda. Uma sibhalisa lo maka, umnikazi wokubhalisiwe uzothola ilungelo yedwa lokusebenzisa lesi sigamu samagama ngakho kuvinjelwe onke amanye amabhiznisi ukuwasebenzisa. Lokhu ngeke kuvunyelwe.
Isibonelo 2: "Cheese"
Isithombe sikashizi ngeke sithathwe njenge-trade mark kashizi, njengoba singeke sehlukanise ushizi womunye umuntu kowomunye. Ngakho ngeke sizifeze izinhloso ze-trade mark.
Isibonelo 3: "Server"
Uma igama elithi "SERVER" lingabhaliselwa umsebenzi wamakhompyutha, akekho omunye kuleyo mboni ozosebenzisa lelo gama emsebenzini wakhe wosuku nosuku. Lokhu kungaba yinto engalungile kwabanye abahwebi abakule mboni futhi kungaba yingozi enkulu ohwebeni. Ngakho-ke, uMthetho uyakuvimbela ukubhaliswa amagama noma amaqoqo amagama, adingekayo ekusebenzeni emkhakheni othile wohwebo. Kodwa-ke, igama elithi SERVER lingasetshenziswa ezingubeni, ngoba kulowo mkhakha igama alisetshenziswa njengento eyejwayelekile uma kuhwetshwa.
-
Amagama aqanjiwe, izimpawu noma izithombe azimele uma engakotshiwe noma ejwayelekile embonini:
-
Faka igama elehlukile noma uphawu egameni elejwayelekile noma iqoqo lamagama
| ZeZe Internet Cafe emsebenzini werestorenti |
| Piggy Juice Juice kwijuzi yezithelo |
| Ivanov's Indawo yePizza |
Ngaphambi kokufaka isicelo sokubhalisa i-trade mark:
-
Ungafaka isicelo kwifomu
TM2
sokucinga okuyisipesheli, (okwesikhashana) kuLuhlu Lwama-Trade Marks ukubheka ukuthi awekho yini amalungelo asevese ekhona kwi-trade mark ecishe ifane nale oyifunayo, okungenza ukuba eyakho ingavunywa.
-
Ifomu TM2 kufanele igcwaliswe njengoba kukhonjiswe
KWISIBONELO TM2.
-
Imali yokucinga okuyisipesheli u-R190
futhi isiqinisekiso sokukhokha kufanele sifike kithi ngosuku noma ngaphambi kosuku ofaka ngalo isicelo.
-
Imali engu-R190.00 ikhokhelwa lelo nalelo-class olicelela ukucinga okuyisipesheli.
-
Isikhathi sokucubungula isicelo sokucinga okuyisipesheni izinsuku ezingu-15.

|