CIPC Home Page
 Start Here...
 Customer Log In
UserName: Password:
Enter code as shown above:

Bank Customer
 Enterprise Enquiry
Enterprise Name:

Enterprise number:
//
 Name Search
Enter the enterprise name you wish to search for...
Search Operators

      Logged in as:
 
  
 
 
 
 
Tswana Version | English Version | Afrikaans Version

Ama-Patents

I-patent ilungelo elikhethekile elinikezwa uma kukhona okusunguliwe, okungumkhiqizo noma inqubo evenza indlela entsha yokwenza into, noma enikeza isixazululo sobuchwepheshe enkingeni. I-patent inikeza umsunguli, okumnikeza ilungelo lokukhipha abanye ekwenzeni, ekusebenziseni, ekwenzeni okusunguliwe, abafuna ukweza, noma bawungenise ngaphakathi ezweni umkhiqizo. Ukuvikela kwenziwa isikhathi esiyiminyaka engu-20 (amashumi amabili)

Imisebenzi Yochwepheshe Bama-Patents

NgokoMthetho Wama-Patents WaseNingizimu Afrika, abantu bangafaka izicelo zabo ze-patent yesikhashana. Kodwa-ke, kuba kuhle uma abafaka isicelo bethola usizo lwabammeli be-patent.

Uma isicelo se-patent yesikhashana ifakwa, amandla nobubanzi bokuvikeleka okutholakele kuzohambisana namagama asetshenzisiwe nokuchazwa kabanzi nangokuphelele kokusunguliwe. IHhovisi Le-Patent liyaqinisekisa lithembise ukugcina imfihlo kodwa ngeke libekwe icala ngalokho okwenziwa ngaphandle kwehhovisi.

Abameli be-Patent nama-agents bayazazi izidingo ezisemthethweni ezifunekayo futhi basesimeni esihle sokubhala izicelo zesikhashana ukuqinisekisa ububanzi bokuvikeleka kwe-patent.

INingizimu Afrika ingelinye lamazwe angu-142 (ikhulu manashumi amane nambili) angamalunga e-Patent Co-operation Treaty (PCT) e-Patant. Le-Treaty ivumela umuntu ukufaka isicelo somhlaba nesicelo sangaphakathi ezweni. Isicelo somhlaba sizochaza amazwe lapho ofaka isicelo efuna ukuvikela khona. Imali ethe xaxa iyakhokhwa kulolu hlobo lokubhalisa.

IHhovisi Lama-Patent ngeke likwamukele ukubekwa icala lokulahlekelwa ngamalungelo uma kukhona okuvelayo noma okusunguliwe kuvezelwe abantu bonke futhi kuntshontshwa noma izicelo zesikhashana zingabhaliwe kahle.

Ihlala Isikhathi Esingakanani I-Patent?

I-patent ingahlala iminyaka engu-20 (amashumi amabili eminyaka), kuphela uma ivuselelwa ngonyaka ngaphambi kokuphela konyaka wesithathu. Kubalulekile ukukhokha imali yokuvuselela ukuqinisekisa ukuthi isasebenza. I-patent iphela emva kweminyaka engu-20 (amashumi amabili eminyaka) kusukela ngosuku lokubhalisa.

Yini esingayifaka ngaphansi kwe-patent?

Isigaba 25 soMthetho Wama-Patent, UMthetho 57 ka-1978 ukhuluma ngalokhu futhi simi ngalendlela elandelayo:

25. Ukusungula okungathola i-pantent

(1) I-pantent, ngaphansi kwemigomo yalesi sigaba, ingakhishelwa noma ikuphi okusunguliwe okusha okufaka isinyathelo sokusungula futhi okungasetshenziswa embonini noma ezolimo.

(2) kungaba noma yini efaka lokhu okulandelayo:

(a) ukutholakala kwento entsha engakaze ibekhona ngaphambilini;
(b) injulumqondo yobuciko bobuchwepheshe;
(c) indlela esebenzisa izibalo;
(d) umsebenzi wokubhala, weshashalazi, womculo noma wobuciko noma okunye okusunguliwe;
(e) uhlelo, umthetho noma indlela yokusebenzisa ingqondo,ukudlala noma ukwenza ibhizinisi;
(f) uhlelo olusetshenziswa yikhompuyutha; noma
(g) the presentation of information

ukuvezwa kwemininingwane ngeke kuthathwe njengokusungula ngokwenhloso yalo Mthetho.

I-Patent Journal

Lena i-journal eshicilelwa yi-Government Printers njalo ngenyanga, futhi iqukethe imininingwane ngama-patents, ama-trade marks, ama-designs nama-copyright amafilimu asesinema atholakala eNingizimu Afrika. Le Patent Journal itholakala kwi-Government Printers ePitoli.

Indlela Yokubhalisa
I-Patent Cooperation Treaty (inhlangano enkulu yomhlaba jikelele yamalungelo e-Patent)


Terms and Conditions
and Privacy Statement Copyright © CIPC 2011