CIPC Home Page
 Start Here...
 Customer Log In
UserName: Password:
Enter code as shown above:

Bank Customer
 Enterprise Enquiry
Enterprise Name:

Enterprise number:
//
 Name Search
Enter the enterprise name you wish to search for...
Search Operators

      Logged in as:
 
  
 
 
 
 
Tswana Version | English Version | Afrikaans Version
Indlela Yokubhalisa

Noma kuthiwa indlela yokubhalisa izokwenziwa ngokusebenzisa usizo lommeli we-patent noma i-agent, noma izokwenziwa ngofaka isicelo, lezi zindlela ezilandelayo kufanele zilandelwe:

Isinyathelo 1: Cwaninga Ngama-Patents Asevese Esekhona

  • Lokhu kungenziwa ngofaka isicelo/umsunguli noma ngummeli we-patent/i-agent
    • Lokhu kuqinisekisa ukuthi awekho ama-patents anqubuzana nawo nokuthi ukusungula kusha/kuseqophelweni (S25 woMthetho wama-Patent)
    • Nakuba lokhu kucwaninga kokuqala kungaphoqelekile kodwa kudingekile.
    • Ukucwaninga kungenziwa ehhovisi elisePitoli loMbhalisi Wama-Patents.

Isinyathelo 2: Ukufaka Isicelo Sokubhalisa

  • Ukubhalisela i-patent kungaba ngeyodwa yalezi zindlela ezintathu ezilandelayo:
    • Faka isicelo sesikhashana – lokhu kungenziwa ngofaka isicelo ngosizo noma ngaphandle kosizo lommeli.
    • Faka sonke isicelo – Lokhu kungenziwa ngokusebenzisa ummeli we-patent.
    • Faka isicelo se-PCT (Patent Co-operation Treaty) (uma kufanele)

  • Lawa mafomu alandelayo angatholakala mahhala ku-CIPRO. Kufanele agcwaliswe (ngepeni elimnyama noma ngokuthayipha) ebese eyiswa ku-CIPRO::
    • P1:  ""Isicelo se-Patent noKwamukelwa Kwesicelo" futhi ifakwa ngeduplikhethi (ihamba ngambili)
    • P2:  "Ukubhaliswa Kwama-Patents", ilethwa ngeduplikhethi (ihamba ngambili)
    • P3:  "Ukuvezwa KwaMandla Ommeli", kuthunyelwa okungu-1 kuphela
    • P6:  "Imininingwane Yesikhashana", kuthunyelwa kanye kuphela
    • o Onke amadokhumende kufanele okungenani athayishwe

  • Uma Isicelo Se-Patent Yesikhashana sithunyelwa, usizo lommeli we-patent aluphoqelekile. Kubalulekile ukuthi ukuchazwa kokusunguliwe kuphelele futhi kucace, futhi lapho kwenzeka khona, imidwebo kufanele ifakwe, emakhasini angu-A4.
    • Amafomu P1, P2, P6 azogcwaliswa no-P3 uma kusetshenziswe Amandla Ommeli.
    • I mali   yesicelo sesikhashana ngu-R60.

  • ESicelweni Se-Patent Yesikhashana, , ihhovisi loMbhalisi Wama-Patent lizovula ifayela ebese likunika inombolo yesicelo se-patent yesikhashana ngenhloso yemibuzo. Ofaka isicelo waziswa ngokubuyisela ikhophi eyodwa ye-P1 ebithunyelwe
    • Emva kwalokhu, isicelo esigcwele se-patent kufanele sithunyelwe ezinyangeni ezingu-12 kusukela ngosuku lokufaka isicelo se-patent yesikhashana (ngommeli we-patent noma i-agent ye-patent).
    • Ngalesi sikhathi (i.e. isikhathi sezinyanga ezingu-12) umsunguli uyakwazi ukusebenza umsebenzi wakhe wokusungula
    • Ngalesi sikhathi umsunguli/umkhiqizi “engahlola imakethe” ukubheka ukubaluleka kokusunguliwe ngaphambi kokuchitha imali edingeka ekufakeni isicelo se-patent.

  • UmaIsicelo Se-Patent Esiphelele sifakwa, usizo lommeli we-patent luphoqelekile
    • Amafomu P1, P2, P3, P7, P8 no P26 (Amandla Ommeli) kufanele agcwaliswe.
    • Imali  fyesicelo esiphelele ngu R590. .
    • Incazelo ephelele, amaklemu nemidwebo (uma kufanele) esemakhasini angu-A4 etc. kufanele ifakwe
    • Kufanele kubhekwe futhi mayelana nokufaka isicelo samalungelo e-patent/ukuvikeleka kwamanye amazwe.
    • o Izicelo ze-PCT National Phase zithathwa ngokuthi izicelo eziphelele, kodwa esikhundleni sefomu P1, ifomu P25 kufanele ifakwe.

Isinyathelo 3: Ukubhalisa I-Patent

Uma isicelo esiphelele se-patent sesifakiwe, ukucwaninga okusemthethweni kwezinyanga ezingu-6.

  • Uma konke okudingekayo kuhambisana, isicelo siyemukelwa. Ofake isicelo kube sekufanele ukuba ashicilele i-patent yakhe kwi-Patents Journal, eshicilelwa nyangazonke ngamaprinta kahulumeni. rs.
    • Usuku lokushicilela isikhangiso kufanele kube usuku lokubhalisa.
    • Emva kwezinyanga okungenani ezingu-2 emva kokushicilela kwi-Patent Journal, isitifiketi sokubhalisa sinikezwa othola i-patent.


Terms and Conditions
and Privacy Statement Copyright © CIPC 2011