|
I-CIPRO ikhipha imininingwane ngendlela :
Yokuphequlula amafayela
Amakhophi,
Amakhophi aqinisekisiwe
Izitifiketi zokuzidalula ezikwikhompyutha
Ukudayiswa kwe-data ngama-CD ne-File Transfer Protocol (FTP).Okunikelwayo kukunika ukuqinisekiswa kwemininingwane yomthetho, nesiqinisekiso sokuzichaza kwento eyinkampani.
Lokhu okunikelwayo kubhekiswe eMinyangweni kaHulumeni, abameli, ababalizimali, abakwamanye amazwe nabantu bomphakathi, abafisa ukuthola amabhizinisi nabantu (ukuqala ibhizinisi, noma ukudayisa imikhiqizo nemisebenzi), noma abadinga imininingwane ngenhloso yenkantolo. NgokoMthetho we-Constructive Notice, imininingwane itholwa yibo bonke abangamalunga omphakathi.
Ungathola imininingwane yenkampani ngalezi zindlela ezilandelayo:
-
Xhumana ne-Customer Contact Centre yethu e-0861 843 384
-
Thumela isicelo samafayela afanele noma imininingwane ku-PO Box 429, Pretoria, 0001, usibhekise kwi-: Corporate Information Unit.
-
I-E-disclosure: Uma kwenzeka udinga isitifiketi sokuzidalula, ungasithola kwi-website yethu
lapha
Sicela wazi ukuthi kufanele ubhalise njengekhasimende kwindawo yethu kwikhompyutha ukuze uthole imininingwane oyifunayo. Uma sekulungisiwe, uzothola ibhili yenani bese isicelo sakho usinikezwa.
Uma sithatha ngokuthi yonke into yenziwe kahle, isikhathi sokunikezwa imininingwane izinsuku ezingu-5 zokusebenza, kuye ngokuthi ikhona yini imininingwane.
Ukubuza mayelana nalokhu kunikelwa, wamukelekile sivakashela e 4th floor, 202 Esselen street, Sunnyside, Pretoria.
Ukuthola eminye imininingwane mayelana nekhwalithi, ukuphelela nokushaya emhloleni kwamafomu, sicela uthintane ne-Customer Contact Centre ku-0861 843 384.
I-Corporate Information Unit inikeza umsebenzi wokusiza obalulekile eminyangweni ephathelene nokubhaliswa kwezinkampani nama-close corporation. I-Corporate Information Unit ibuye inike umphakathi imininingwane mayelana nemibuzo ethile. Okubaluleke kakhulu ngomsebenzi wayo ukuletha nokugcina i-data base. Lokhu kuletha, phakathi kwezinye izinto, indlela yokulandelela iziliphu nokulungisa zonke izindaba ezimayelana nokubhaliswa kwenkampani, ukuchibiyela, ukumiswa kokubhaliswa nokubuyiselwa. Isibonelo, onke amadokhumende afanelekile eza enkampanini ayafakwa, aletha izinyathelo zokuqala kwindawo ekwikhompyutha yokulandelela. Le ndawo yokulandelela yenza kube lula ukuphendula imibuzo yamakhasimende njengalokhu:
-
"Kwenzekalani mayelana nokubhaliswa kwe-cc yami?". Bheka
indlela bheka idokhumende
kwi-Website yethu.
-
Ungangitshela ukuthi inkampani "xyz" isekhona?
-
"Ngathumela amadokhumende afanele ukwengeza elinye ilunga kwi-cc yami, kungabe lokhu sekuqediwe?"
Bheka indlela
bheka idokhumende yethu kwi-Website yethu.
Amalunga omphakathi avumelekile ukuthola amadokhumende asemthethweni ezinkampani nama-close corporations. Izimali ezichaziwe, ezikhokhwa kwi-counter yemininingwane ye-Corporation zimi ngale ndlela elandelayo:
| |
Imisebenzi |
Izimali Ze-Close Corporation |
CIzimali Zenkampani |
| 1 |
Ukuhlolwa kwalokhu - |
a)ifayela yenkampani eHhovisi Lokubhalisa Izinkampani -
i) ofaka isicelo ngokwakhe |
5.00 |
80.00* |
ii) ofaka isicelo ngesicelo esibhaliwe
(*kufaka amafothokhophi angu-10 amadokhumende, emva kwalokho u-R1.00
ngekhophi ngayinye – ukuqinisekiswa kungakafakwa) |
20.00
0.50 ngefothokhophi ngayinye
|
80.00*
1.00
|
b) i-central register yabaqondisi -
i) ofaka isicelo ngokwakhe |
|
5.00 |
| ii) ofaka isicelo ngesicelo esibhaliwe
(*kufaka kuze kufike kumafothokhophi angu-12 amadokhumende,emva kwalokho
u-R1.00 ngekhophi ngayinye – ukuqinisekiswa kungakafakwa)
|
0.50 ngefothokhophi ngayinye
|
25.00* |
| 2 |
a) Ifothokhophi yedokhumende (A4) (ikhophi ngayinye)
|
0.50 |
1.00 |
| b) Ifothokhophi ephepheni elibuye lakhiqizwa kwi-microfilm (ikhophi ngayinye) |
0.50
|
1.00 |
| 3 |
Ukuqinisekisa idokhumende noma ingxenye yedokhumende (idokhumende ngalinye)
|
5.00 |
10.00 |
| 3 |
Isitifiketi sokudalula esikwikhompyutha
|
30.00 |
30.00 |
4 |
Izimali zokudayisa i-data ne-data downloads
|
|
|
| 5 |
Izingxenye ezithile ze-data nemibiko yemininingwane engatholakala kwi-CIPRO database nge-CD / i-File transfer protocol (FTP) (*kufaka izindleko zokuposa, i-compact disk nezindleko zokulungiselwa). Izindleko eziphelele kufanele zibalelwe ku-R0,03 kuleyo naleyo rekhodi yaleso naleso sigaba zamarekhodi ezilandelayo: imininingwane ejwayelekile ngenkampani (irekhodi elilodwa), imininingwane yabaqondisi (irekhodi eyodwa umqondisi ngamunye) nemininingwane yabacwaningi mabhuku (irekhodi eyodwa umcwaningi mabhuku ngamunye) |
|
0.03 irekhodi ngayinye* |
| 6 |
Okuprintwe ephepheni/imibiko eyejwayelekile yemininingwane eyejwayelekile kwi-CIPRO database (*kufaka kuze kufike kumarekhodi angu-500)
Enye imali engaphezulu engu-R10 izobizwa futhi nemali engu-R0,03 yerekhodi ngayinye kulezi zigaba zamarekhodi ezilandelayo: imininingwane ejwayelekile ngenkampani (irekhodi eyodwa), imininingwane yabaqondisi (irekhodi eyodwa umqondisi ngamunye) nemininingwane yabacwaningi mabhuku (irekhodi eyodwa umcwaningi mabhuku ngamunye). Wonke amarekhodi angu-500 noma ingxenye yawo azothathwa ngokuthi isicelo esiseceleni semininingwanwe futhi sizokhokhiswa ngendlela efanele
|
|
10.00 no-0.03 irekhodi ngayinye* |
| Izindleko ngokufinqiwe |
| Ukudayiswa kwe-data |
Ukwaziswa ngenyanga kufaka lokhu okulandelayo |
|
Ukubhalisa okusha |
0.03 irekhodi ngayinye |
|
Abacubunguli mabhuku abasha |
0.03 irekhodi ngayinye |
|
Abaqondisi namalunga amasha |
0.03 irekhodi ngayinye |
|
Umlando (ifayela enkulu) |
0.03 irekhodi ngayinye |
|
Obekubhalisiwe ngokwedlule |
0.03 irekhodi ngayinye |
|
Abaqondisi abangasekho |
0.03 irekhodi ngayinye |
|
Abacubunguli mabhuku abangasekho |
0.03 irekhodi ngayinye |
|
I-capital esetshenzisiwe ngokwedlule |
0.03 irekhodi ngayinye |
|