Kungumbandela womthetho ukuthi ushintsho emininingwaneni eminingi, mayelana nokubhalisa ibhizinisi, ludinga ukufakwa kwefomu ethile. Kodwa-ke, kunemininingwane ethile engashintshwa ngaphandle kokufaka ifomu. Sibone kungcono futhi ukuthi sikunike imininingwane engenazihibe kanye nemininingwane ebizwa nge-limited subset. Le mininingwane engenazihibe ayingeni ngaphansi komthetho futhi inhloso yayo enkulu eyokuthi wena usinike eminye imininingwane ngebhizinisi lakho ukuze uthole ukukhangiselwa kwi-Internet.
Ukumiswa Kwenkampani Uyenza kanjani inkampani ukuba iziphelele ngokuthanda kwayo
Ukuze ufake noma ushintshe imininingwane ehambisana nebhizinisi lakho, kufanele ubhalise kuqala. Lokhu kubhalisa kuyindlela esizoqinisekisa ngayo ukuthi nguwe kuphela ozokwenza ushintsho emininingwaneni yenkampani yakho. Ngesikhathi sokubhalisa uzocelwa ukuba usinike i-password nemininingwane yokuxhumana. I-password, nenombolo yakho yebhizinisi, izosetshenziswa ukungena kwindawo yekhompyutha ezokwenza ukuba ukwazi ukwenza ushintsho. Imininingwane yokuthintana izosetshenziswa ukuqinisekisa ukubhaliswa ngaphambi kokuba ukubhalisa kwakho kwamukeleke.
Uma sewubhalisiwe, usungakwazi ukufaka noma ushintshe le mininingwane elandelayo: -
| I-Password |
I-password yokungena kwindawo yokushintsha kwikhompyutha.Umniningwane ophoqelekile |
| Ikhodi Yocingo |
Ikhodi esetshenziswa ngabantu ukuxhumana nenkampani yakho. |
| Inombolo Yocingo |
Inombolo yocingo esetshenziswa ngabantu ukuxhumana nenkampani yekho. |
| Ikhodi Ye-Fax |
Ikhodi esetshenziswa ngabantu ukukuthumelela i-fax enkampanini yakho. |
| Inombolo Ye-Fax |
Inombolo ye-fax esetshenziswa ngabantu ukukuthumelela i-fax enkampanini yakho. |
| Ikheli Le-Email |
Ikheli le-email otholakala kulo elisetshenziswa abasebenzi be-CIPRO ukukwazisa ngezinto ezintsha mayelana nemisebenzi etholakala kwi-Website. Leli kheli le-email libuye futhi linikezwe wonke umuntu Umniningwane ophoqelekile |
| Ikheli Le-Docex |
Uma unekheli le-docex futhi ufisa ukuba laziwe ngabantu, ungaliletha lapha. |
| Ikheli Le-Web Site (I-URL - Unique Resource Locator) |
Uma inkapmani ine-Website kwi-Internet futhi ifisa ukwenza i-URL itholwe ngabantu, ungafaka i-URL lapha. I-URL ikhonjiswa njenge-hyperlink uma ubheka imininingwane yebhizinisi. |
| Eminye Imininingwane |
Noma imiphi imininingwane ocabanga ukuthi ifanele ukuthuthukisa inkampani yakho noma eminye imininingwane ofisa ukuba ibe khona kwi-Website. Kuze kufike ezinhlamvini ezingu-1500. |
| Igama Lomuntu Ophethe |
Igama lomuntu, enkampanini yakho, okunguyena ogcina le mininingwane ilungisiwe. Le mininingwane ayinikwa abantu kodwa isetshenziswa abasebenzi be-CIPRO ukuqinisekisa ukuthi ukubhaliswa kuyi-bona fide. Umniningwane ophoqelekile |
| Inombolo Yokuthintana Nomuntu Ophethe |
Le mininingwane ayinikwa abantu kodwa isetshenziswa abasebenzi be-CIPRO ukuqinisekisa ukuthi ukubhaliswa kuyi-bona fide. Umniningwane ophoqelekile |
Sebenzisa inombolo yakho yebhizinisi (nemigqa) ne-password osinike yona ngesikhathi ubhalisa ukungena endaweni yekhompyutha ezokwenza ukuba ukwazi ukwenza ushintsho emininingwaneni yakho.
Sicela wazi: - Ama-passwords AHAMBISANA nesimo sezinhlamvu. Ngakho, uma i-password ithi DingBat, ukufaka i-password ethi Dingbat, dingbat noma dingBat kuzodala iphutha lokungena kwi-computer.
Lokhu kubhekiswe kunoma yiluphi ushintsho egameni elisetshenziswayo, ibhizinisi elikhulu nenhloso nokuchibiyela imemorandamu nama-articles okuzimbandakanya enkampani.
Izinguquko zenziwa ngokwesigaba 199(1) no-200(1) uMthetho 61 ka-1973 njengoba uchitshiyelwe.
1. Ukushintsha Igama, Igama Lenkampani Elihunyushiwe noma Elifinqiwe
| Amafomu Afunekayo |
Izindleko |
Ukuchazwa Kwamafomu |
| CM5 |
Kufanele lemukeleke |
Isicelo segama elibekisiwe |
| CM9 (isicelo esisodwa esi-1 nezitifiketi ezingu-2) |
R30 |
Isicelo sokushintshwa kwegama |
| CM7 (uma kufanele) |
R30 |
Ukubhaliswa kwegama elifinqiwe noma elihunyushiwe |
| CM9A ((isicelo esisodwa esi-1 nezitifiketi ezingu-2) |
R30 |
Isicelo sokushintshwa kwegama elifinqiwe noma elihunyushiwe |
| CM9B (uma kufanele) |
R5 |
Ukusulwa kokubhaliswa kwegama elifinqiwe noma elihunyushiwe |
| CM26 |
R80 |
Okokushintshwayo kwenkampani |
| Isaziso |
N/A |
Uma isaziso sezinsuku ezicacile ezingu-21 sinikeziwe |
| Isaziso ne-CM25 |
N/A |
Uma isaziso sezinsuku ezicacile ezingaphansi kwezingu-21 sinikeziwe |
| CM25A |
N/A |
Uma kungekho saziso esinikiwe |
2. Ushintsho lwezinto ofuna ukuzenza kwibhizinisi yakho
| Amafomu Afunekayo |
Izindleko |
Ukuchazwa Kwamafomu |
| CM26 |
R80 |
Okokushintshwayo kwenkampani |
| Isaziso |
|
Uma isaziso sezinsuku ezicacile ezingu-21 sinikeziwe |
| Isaziso ne-CM25 |
|
Uma isaziso sezinsuku ezicacile ezingaphansi kwezingu-21 sinikeziwe |
| CM25A |
|
Uma kungekho saziso esinikiwe |
3. Ukuchibiyela IMemorandamu nama-Articles
| Ukuchazwa Kokuchibiyela |
Amafomu Afunekayo |
Izindleko |
Ukuchazwa Kwamafomu |
| Cisha Imibandela |
CM18 |
R20 |
Isinqumo senkantolo sokubhalisa |
| Ukuguqulela kwi-Share Block |
CM26 |
|
|
| CM9 |
R30 |
|
| Isaziso |
|
Uma isaziso sezinsuku ezicacile ezingu-21 sinikeziwe |
| Isaziso ne-CM25 |
|
Uma isaziso sezinsuku ezicacile ezingaphansi kwezingu-21 sinikeziwe |
| CM25A |
|
Uma kungekho saziso esinikiwe |
| I-CM5 Eyamukelekile |
|
|
| Imemorandamu entsha nama-articles okuzimbandakanya |
|
|
| Ukuguqula kusukela kwi-Share Block |
CM26 |
R80 |
|
| CM9 |
R30 |
|
| I-CM5 Eyamukelekile |
|
|
| Isaziso/isaziso ne-CM25/ CM25A
Imemorandamu entsha nama-articles okuzimbandakanya
Incwadi eqinisekisa ukuthi awekho amanye amasheya akhishiwe noma akukho ukusebenzisa amalungelo
|
|
|
| Ukuguqula kusukela enhlotsheni ethile yenkampani kuya kwenye |
CM26 |
R80 |
Okusesixazululweni |
| CM45 |
R40 |
Isitifiketi sokufakwa ngaphansi kwenkampani esimayelana nokuguqula kusukela ohlontsheni oluthile lwenkampani kuya kwenye inhlobo yenkampani |
| Isaziso |
|
Uma isaziso sezinsuku ezicacile ezingu-21 sinikeziwe |
| Isaziso ne-CM25 |
N/A |
Uma isaziso sezinsuku ezicacile ezingaphansi kwezingu-21 sinikeziwe |
| CM25A |
N/A |
Uma kungekho saziso esinikiwe |
| Ama-articles amasha |
|
|
| Isaziso esishicilelwe kwigazethi kahulumeni, amasonto amathathu ngaphambi kosuku lomhlangano, ngaphandle kokuguqulwa kusukela kokuzimele kuya emphakathini ne-share capital kuphela |
|
|
| Ukwenyuka kwe-Capital |
CM26 |
R80 |
|
| Isaziso |
|
|
| Isaziso ne-CM25 |
|
|
| CM25 |
|
|
| CM11 |
R5 kulowo nalowo R1000 wokwenyuka |
Ukukhokhwa kwezimali wki-capital eyenyukile |
| Ukubuye uthenge amasheya |
Ama-articles enkampani kufanele avumele inkampani ukuba yenze lokho |
|
|
| Igunya elifanele ngokwesixazululo esiyisipesheni |
|
|
| CM14A |
|
|
| Isitatimende sabaqondisi kumuniningwane ka-sect 85 |
|
|
| Ukukhokhelwa kwabanini-bamasheya |
Ama-articles enkampani kufanele avumele inkampani ukuba yenze lokho |
R80 |
|
| CM14A |
|
|
| Isitatimende sabaphathi benkampani ngokuka sect 90 |
|
|
| Ukusindiswa kwamasheya |
CM19 |
|
Isaziso sokusindiswa kwamasheya okuzikhethela asindisekayo |
| Isixazululo esiyisipesheni ngokwesigaba 98(2) soMthetho Wezinkampani |
|
|
| Ukwebelana ngamasheya |
CM15 |
|
Ukubuyiselwa kokwabiwa kwamasheya |
| Isixazululo esiyisipesheni ngokwesigaba 82 soMthetho Wezinkampani |
|
|
I-Fomu CM15 ifomu ebuyiswayo efakwa yinkampani ukwazisa uMbhalisi ukuthi yabe amasheya, echaza kuyo imininingwane yezibalo nemali yamasheya akhishiwe ngokwedlule noma imali ebekiwe nesibalo nencazelo yamasheya abiwe. Ifomu kufanele ifakwe enyangeni yokuqala emva kokwabiwa kwamasheya ngale kwalokho inhlawulo engu-R150 kuzofuneka ikhokhwe.
I-Fomu CM16 ifomu efakwa yinkampani ukwazisa uMbhalisi ukuthi ukwabiwa kwamasheya akusebenzanga. Isizathu kufanele sishiwo kwifomu ukuthi kungani kwenzekile lokho, ukungakhokhi kwamasheya noma amasheya amaningi abiwe futhi angakhokhelwa. Ifomu kufanele ifakwe enyangeni yokuqala emva kosuku lokho kwabiwa okungasebenzanga ngalo, kodwa ayikho inhlawulo ekhokhwayo uma lokhu kwenzeka emva kwesikhathi.
I-Fomu CM19 ifomu efakwa yinkampani ukwazisa uMbhalisi ukuthi amasheya ayo akhethekile asindisekayo asesindisiwe. Ama-articles okuzimbandakanya enkampani kufanele abenamalungelo ahambisana namasheya futhi kuchazwe nendlela nosuku lokusindiswa. Ifomu kufanele ifakwe enyangeni yokuqala kusukela ngosuku lokusindiswa kodwa ayikho inhlawulo ekhokhwayo uma lokhu kwenzeka emva kwesikhathi.
I-Fomu CM19 ifomu efakwa yinkampani ukwazisa uMbhalisi ngokutholwa noma ukukhokhelwa kwabanikazi bamasheya okwenziwe yinkampani. Ama-articles okuzimbandakanya kufanele akhombise amandla okubuye kuthengwe amasheya nokukhokhela abanikazi bamasheya. Isixazululo Esiyisipesheni siyadingeka ukuze kwamukeleke lokhu. Isitatimende sabaqondisi mayelana nokulunga kwemali emva kokuthenga kabusha kufanele sifakwe kwi-CM14A ngesikhathi kufakwa ifomu ngokwesigaba 85 soMthetho Wezinkampani. Ifomu kufanele ifakwe enyangeni yokuqala kusukela ngosuku lokutholwa kwamasheya kodwa ayikho inhlawulo ekhokhwayo uma lokhu kwenzeka emva kwesikhathi.
CM15
- Qinisekisa igama nenombolo yokubhaliswa yenkampani.
- Item 1 Bheka usuku lokwabiwa, i-CM15 kufanele ifakwe enyangeni yokuqala yokwabiwa.
- Item 2 Qinisekisa imali egunyaziwe.
- Item 3 Amasheya atholakalayo kwi-memorandamu nenkampani.
- Item 4 Qinisekisa amasheya akhishiwe kusukela kwi-CM15 eyedlule.
- Item 5 Lokhu ukwabiwa okusha.
- Item 6a, b & c Amasheya abiwe ngenye indlela ngaphandle kukakheshi.
- Item 7 Imali ephelele ekhishiwe njengamanje.
- I-CM15 kufanele isayinwe ngumqondisi / umphathi noma unobhala wenkampani.
CM16
- Qinisekisa igama nenombolo yokubhaliswa yenkampani..
- Item 1 - VQinisekisa imali egunyaziwe.
- Item 2 - Bheka imali ekhishiwe kwirekhodi le-CM15 eyedlule.
- Item 3 Imininingwane yokwabiwa okungenzekanga.
- Item 4 Izizathu zokungenzeki kokwabiwa.
- Item 5 Imali ephelele ekhishiwe njengamanje.
- I-CM16 kufanele isayinwe ngumqondisi / umphathi noma unobhala wenkampani.
CM19
- Qinisekisa igama nenombolo yokubhaliswa yenkampani..
- Item A Imali egunyaziwe ngokwedlule.
- Item Bi Amasheya asindiswe ngenzuzo.
- Item Bii Amasheya akhishwe ngokwenzeke ngokukhishwa kabusha kwamasheya amasha, isixazululo esiyisipesheni siyafuneka uma amasheya ajwayelekile ekhishwa esikhundleni samasheya asindisiwe.
- Item C Amasheya amasha akhishelwe amasheya asindisiwe.
- Item D Imali emva kokusindiswa.
- I-CM19 kufanele isayinwe ngumqondisi / umphathi noma unobhala wenkampani.
CM14A
- Qinisekisa igama nenombolo yokubhaliswa yenkampani..
- Item 1 Imali egunyaziwe.
- Item 2 Imali ekhishiwe ngokwedlule.
- Item 3 Imali ekhokhiwe maqondana ne-akhawunti enkulu yamasheya.
- Item 4 Imininingwane yokuthola.
- Item 5 Imali ekhishiwe njengamanje.
- I-CM14A kufanele isayinwe ngumqondisi / umphathi noma unobhala wenkampani.
Izindlela zokuqeda inkampani:
- Inkampani ingaqedwa
- yinkantolo ngokwesigaba 344; noma
- ngokwayo ngokwesigaba 349
- Ukuziphelela kwenkampani ngokwayo kungaba
- ukuqedwa ngokuthanda ngabafaka imali ngokwesigaba 349 & 351; noma
- ukuqedwa ngokuthanda ngamalunga ngokwesigaba 349 & 350.
Lokhu okulandelayo imiqingo ejwayelekile okufanele igcwaliswe ebese efakwa
| Imiqingo |
Inhloso |
Izimali |
| CM26 (ngeduplikhethi) |
Isixazululo esiyisipesheni |
R80.00 i-revenue, enesitembu soqobelo |
| CM25A |
Ukukhululwa esaziswenie |
- |
| CM25 |
Ukukhululwa esikhathini sesaziso |
- |
| IKHOPHI YESAZISO EYA EMHLANGANWENI WABANIKAZI BAMASHEYA |
Ukwazisa abanikazi bamasheya ngomhlangano ozobanjwa |
- |
| INCWADI YE-JM12 (iyafuneka uma kuqedwa ngokuthanda ngamalunga) |
Isiqinisekiso sokuzivikela sokuthi yenziwe ngokwaneliseka kuka- Master, noma ukuthi u-Master ukhiphe ngokwenziwa kwalokho kuvikeleka |
- |
Ukuqokwa KoMphelisi Wenkampani
Lokhu okulandelayo imiqingo ekufanele afakwe
| Imiqingo |
Inhloso |
Izimali |
| CM40 |
Ukuqokwa komphelisi wenkampani / umphathi oqokwe yinkantolo wesikhashana / umphathi oqokwe yinkantolo |
- |
Uyifaka Kanjani Inkampani Ngaphansi Kokupheliswa Kwesikhashana / Unomphela / Umphathi Oqokwe Yinkantolo
Lokhu okulandelayo imiqingo okufanele ifakwe
| Imiqingo |
Inhloso |
Izimali |
| Umyalo wenkantolo (owuqobelo osayiniwe wagxivizwa) |
Umphelisi wenkampani wesikhashana / umphelisi wenkampani wokugcina / umphathi oqokwe yinkantolo wesikhashana / umphathi oqokwe yinkantolo |
- |
Uyikhipha Kanjani Inkampani Ekuqedweni
Lokhu okulandelayo imiqingo okufanele igcwaliswe bese efakwa
| Imiqingo |
Inhloso |
Izimali |
| CM18 |
Umyalo wenkantolo wokubhalisa |
R20.00 i-revenue, enesitembusoqobelo |
| Umyalo wenkantolo owuqobelo osayiniwe wagxivizwa |
Ukubeka eceleni ukuqedwa kwenkampani |
- |
Uyifaka Kanjani Inkampani Esimweni Sokuhlakazwa
Lokhu okulandelayo imiqingo efanele ifakwe
| Imiqingo |
Inhloso |
Izimali |
| Isitifiketi 419 (1) (esikhishwe ngu-Master weNkantolo Ephakeme esiwuqobelo sasayinwa sagxivizwa ) |
Isitifiketi sokuhlakazwa (Ephakeme esiwuqobelo sasayinwa sagxivizwa) |
- |