| (17)Start
Here... |
| |
| Customer
Log In |
|
|
| Enterprise Enquiry |
|
| Name
Search |
| |
| Search Site Contents |
|
|
|
|
|
| Gateway To Formal
Economic Participation |
|
|
Logged
in as:
|
|
|
English Version | Tswana Version | Afrikaans Version
i-copyright ilungelo elikhethekile elinikezwa ngomthetho isikhathi esiyiminyaka kumbhali, umsunguli, etc. ngomsebenzi wakhe aziqalele wona.
-
Ukwenza amafothokhophi okuzifundela wena akusikho ukwephula i-copyright.
-
Ukwenza ikhophi yenkulumo kahulumeni noma isifundo akungeni ngaphansi kokwephula i-copyright.
-
Akukho ukwephula i-copyright uma umsebenzi ukhonjisiwe ukuthi uthathwe kuphi, uma umuntu ekopisha noma ecaphuna emsebenzini womunye umbhali.
-
• Ngokujwayelekile, mayelana nomsenbenzi obhaliwe, lokhu okulandelayo kuyenziwa:
-
Lapho kungenzeka khona, imvume yombhali kufanele itholwe ukuze kukhiqizwe umsebenzi wakhe.
-
Uma i-article, iphepha noma inkulumo, ibhekise emsebenzini womunye umuntu, kufanelekile ukuthi incwadi esetshenzisiwe ifakwe ngokusebenzisa igama lombhali nemininingwane yencwadi ayibhalile i.e. isihloko sencwadi noma ibhuku, umshicileli, usuku lokushicilela etc.
-
Uma kusetshenziswe ingxenye encane kakhulu yomsebenzi, asithi nje imisho noma izigaba ezingeziningi, futhi uma kukhonjisiwe ukuthi kuthathwe kuphi lokhu, imvume ayidingekile.
-
Uma isigaba “esikhulu” sibuye sikhiqizwe, njengesahluko, lapho imvume iyafuneka.
-
Ngokwejwayelekile kwamukelekile ukuba umsebenzi osetshenziswa ezikhungweni zemfundo, zocwaningo noma ezizimele ibuye ikhiqizwe kabusha.
-
Enye indawo enzima ngumkhakha womculo.
-
Ngokucacile uma ufuna ukukopisha i-tape noma i-CD futhi uyidayise, lokhu kuzokwenza ukuba uphule i-copyright (okubizwa ngokuthi “pirating”). Kodwa uma u-Dee-Jay edlala ama-CDs ephathini kungabe lokhu kungukwephula i-copyright?
-
Iseluleko esejwayelekile, ukwephula i-copyright kungashiwo ukuthi kwenzeka uma impahla ene-copyright yomunye isetshenziselwa inzuzo ngomunye umuntu uma kuqhathaniswa nokuba umuntu azisebenzisele yona yena.
-
Ukwephula i-copyright akwenzeki uma ukopisha inkulumo kahulumeni noma isifundo, okwenzelwe ukuthola ulwazi, noma ukufothokhopha izincwadi zikahulumeni okufanele zisetshenziswe ngumphakathi.
Isikhathi se-copyright sihambisana nohlobo lomsebenzi ovikelwe:
-
I-copyright yemisebenzi ebhaliwe yobuciko ihlala iminyaka engu-50 emva kokushona kombhali.
-
I-copyright yohlelo lwekhompyutha ihlala iminyaka engu-50 emva kwamakhophi okuqala etholwe ngumphakathi.
-
Kumarekhodi i-copyright ihlala iminyaka engu-50 kusukela ngosuku lokuqala umsebenzi usakaziwe.
-
Kumafilimu, iminyaka engu-50 kusukela eyokuqala yenziwa / yaboniswa.
Indlela Yokubhalisa

|
> |
|
|
|
|
|
|