CIPC Home Page
 Start Here...
 Customer Log In
UserName: Password:
Enter code as shown above:

Bank Customer
 Enterprise Enquiry
Enterprise Name:

Enterprise number:
//
 Name Search
Enter the enterprise name you wish to search for...
Search Operators

      Logged in as:
 
  
 
 
 
 
English Version | Tswana Version | Afrikaans Version
Inkampani Eyi-Section 21

Lezi izinkampani ezibhalise ukunikeza imisebenzi futhi ezingahlosile ukwenza, noma ukujajwa ngenzuzo eziyenzayo. Lawa "ama-Associations Not For Gain" athola imali eminikelweni nakwamanye amazwe. Ngokwejwayelekile zinikeza imisebenzi “emiphakathini” eyahlukene njengezikimu zokondla abantwana, izinhlangano ezinakekela izintandane ze-AIDS, izinhlangano zezenkolo nezisizayo, njll

Lezi zinkampani zibhaliswe ngokweSigaba 21 soMthetho Wezinkampani futhi zivame ukubizwa ngokuthi "Section 21 Companies".Inkampani engu-Section 21 kufanele ibe nabantu okungenani abangu-7 nabaqondisi okungenani abangu-2.

Ngenxa yobunzima bokwenza i-Memorandum nama-Articles enkampani, kufanele kusetshenziswe umuntu ofundele umthetho ekugcwaliseni amadokhumende. Futhi i-memorandum nama-articles kufanele aqinisekiswe umuntu ofundele umthetho.

Yazi: INkampani Engakhelwe Inzuzo ibuye ibizwe ngiokuthi "i-Association Incorporated under Section 21"

Amadokhumende aya ekubhalisweni kwenkampani “eNkampani Engakhelwe Inzuzo” (iNkampani engu-Section 21) ami ngale ndlela elandelayo:

Amadokhumende Inhloso Izimali
CM5 Isicelo sokubekelwa igama R50-00
CM22 (ngeduplikhethi) Isaziso sehhovisi elibhalisiwe nekhelo leposi Akukhokhwa
CM29 Isiqinisekiso sokubhaliswa kwabaqondisi, abacubunguli mabhuku nabaphathi bezikhundla Akukhokhwa
CM31 Isiqinisekiso sokusebenza njengomcubunguli mabhuku Akukhokhwa
Amandla Ommeli Igunya lokusayina esikhundleni samalunga/abaqondisi Akukhokhwa
CM51 Ukuqinisekiswa kwamanye amakhophi amadokhumende afakiwe (uyazikhethela) R15-00

Lawa madokhumende alandelayo azokwenza i-Memorandum nama-Articles Okuzihlanganisa:

Uhlobo Lwenkampani Amadokhumende Inhloso Izimali
Inkampani ekalelwe yigaranti noma inhlangano engaphansi kuka- Section 21 CM3, CM4, CM4B, CM44, CM44B, CM44C Company adopting Table B

Isitifiketi se-incorporation ne-memorandum yokuzihlanganisa nama-articles okuzihlanganisa ngokomthetho wezinkampani.

R350


Terms and Conditions
and Privacy Statement Copyright © CIPC 2011