CIPC Home Page
 Start Here...
 Customer Log In
UserName: Password:
Enter code as shown above:

Bank Customer
 Enterprise Enquiry
Enterprise Name:

Enterprise number:
//
 Name Search
Enter the enterprise name you wish to search for...
Search Operators

      Logged in as:
 
  
 
 
 
 
English Version | Tswana Version | Afrikaans Version
Inkampani Yangaphandle

“Inkampani yangaphandle” inkampani ebhaliswe kwelinye izwe kodwa efisa ukuqala inkampani eNingizimu Afrika.

Isibonelo: I-AERO BENIN inkampani ebhaliswe e-Germany. Ibhizinisi layo ligxile emabhanoyini nasemikhunjini nokuthuthwa kwabantu. Yaqala inkampani eNingizimu Afrika eyaziwa nge-AERO BENIN SA.

Ofundele umthetho eNingizimu Afrika kufanele asetshenziswe ukusiza ekubhaliseni leyo nkampani yangaphandle.

Ngaphezu kwamadokhumende ahlukahlukene okufanele agcwaliswe ebese ethunyelwa kuMbhalisi Wezinkampani, i-Memorandum nama-Articles Okuzihlanganisa, aboshwe enziwa incwadi kufanele alethwe. Ikhasi ngekhasi kufanele liqinisekiswe i-Notary Public esezweni lapho inkampani ivela khona. Uma lawa madokhumende engabhaliwe ngesiNgisi, ihumusho kufanele lilethwe – futhi leli humusho kufanele ligunyazwe ngesitifiketi sokuhumusha.

Amadokhumende okubhalisa inkampani yangaphandle ami ngale ndlela elandelayo:

Amadokhumende Inhloso Izimali
CM22 (ifakwa ngeduplikhethi) Ikheli elibhalisiwe eNingizimu Afrika Akukhokhwa
CM29 Imininingwane yabaqondisi; eNingizimu Afrika nangaphandle Akukhokhwa
CM31 Isiqinisekiso sokusebenza njengomcubunguli mabhuku Akukhokhwa
CM37 Isaziso sabagunyazwe ukwenza umsebenzi esikhundleni senkampani yangaphandle Akukhokhwa
CM49 (ifakwa ngeduplikhethi) Isitifiketi sokubhalisa R350-00
CM51 Ukuqinisekiswa kwamanye amakhophi amadokhumende afakiwe (uyazikhethela) R15-00

Uma sekuqediwe ukubhaliswa kwenkampani yangaphandle uMbhalisi Wezinkampani ukhipha inombolo yokubhalisa neSitifiketi se-Incorporation.


Terms and Conditions
and Privacy Statement Copyright © CIPC 2011