CIPC Home Page
 Start Here...
 Customer Log In
UserName: Password:
Enter code as shown above:

Bank Customer
 Enterprise Enquiry
Enterprise Name:

Enterprise number:
//
 Name Search
Enter the enterprise name you wish to search for...
Search Operators

      Logged in as:
 
  
 
 
 
 
Tswana Version | English Version | Afrikaans Version
Inqubo Yokubhalisa

Kunezinyathelo ezingu-2 okufanele zilandelwe uma kubhaliswa:
  1. Isicelo sokutholelwa igama le-CC
  2. Isitatimende Sokuqalwa kwe-Close Corporation

1.   Isicelo Sokutholelwa Igama

  • Ngaphambi kokuba i-CC ibhaliswe kubalulekile ukufaka isicelo sokuqinisekisa igama layo, lemukeleke futhi libekwe eceleni. Le nqubo ifaka:
    • Ukubheka okwenziwayo ukuqinisekisa ukuthi igama eliceliwe alikho yini emagameni asebhalisiwe.
      • Indlela elandelwayo ekubhekeni amagama ahlongoziwe ifaka:
        • Incazelo yegama
        • Amagama afanayo
        • Amagama aqhathanisekayo

  • Ifomu elidingekayo ukubheka igama CK7 , "Isicelo Sokubekelwa Igama, noma Ifomu Ehunyushiwe, noma Ifomu Efinqiwe”. Cofa lapha ukuthola usizo lokugcwalisa ifomu.
    • Thola uprinte le fomu ngokucofa lapha.
    • A CK7 can also be lodged electronically by clicking here.
    • Le fomu (CK7) ingathengwa futhi nasezitolo ezidayisa amafomu asemthethweni njenge-Waltons noma i-Hortors, noma amanye amagantsha e-CNA.
    • Uma ingathunyelwanga ngekhompyutha, ifomu CK7 kufanele igcwaliswe ngo-inki omnyama. Okubhaliwe akucace futhi kube ngosonhlamvukazi.
    • Imali engu R50.00 edonswa kwi-akhawunti yakho oyivula ngesikhathi ubhalisa njengekhasimende.
    • I-CK7 kufanele yamukeleke ngaphambi kokufaka iFomu CK1 yokubhalisa

  • Isicelo sokubekelwa igama, lenkampani noma i-close corporation, singafakwa ngekhompyutha ngeKhasimende elibhalisiwe.Ukubhalisa, yiya ku-Bhalisa NjengeKhasimende.

  • Uma selihloliwe igama eliceliwe, iHhovisi Lokubhalisa Ama-CC lizoqinisekisa ukwemukeleka ngencwadi, eveza igama eliqinisekisiwe labekwa. Le ncwadi iposelwa ofake isicelo noma ingalandwa kwikhawunta ePitoli.
    • Linda izinsuku ezingu-7 zokusebenza ngesikhathi kusacutshungulwa.
    • Ukuqinisekiswa kwegama kusemthethweni izinyanga ezingu-2 (uma usuku lokugcina lungempelasonto, igama liphelelwa ngosuku lokusebenza olungaphambi kwalolo i.e. oLwesihlanu).

  • Uma kunombuzo ngamagama abekwe ngocela isicelo, ifomu CK7 ibuyiselwa emuva ukuze kulungiswe kubuye kubuyiselwe isicelo.
  • Uma ukucela igama kungaphumeleli, ofaka isicelo ubuyiselwa imali ayifakile yesicelo.

2.   Isitatimende Sokuqala I-Close Corporation

  • Ukubhalisa i-CC kwenzeka kuphela uma igama eliceliwe selemukelwe labekwa.

  • Ukubhalisa kuqala ngokuthumela "Isitatimende Sokuqala I-Close Corporation" (CK1), esibiza u-R100. Cofa lapha ukuthola usizo lokugcwalisa le fomu. Ungayithumela i-CK1 ngekhompyutha lapha.
    • Le fomu ifuna imininingwane ebalulekile nge-CC eceliwe njengemininingwane yamalunga, uhlobo lwebhizinisi, ikheli, njll.
    • Amafomu e-CK1 angatholakala aprintwe ngokucofa lapha.
    • Amafomu e-CK1 angatholakala futhi e-Waltons noma e-Hortors, noma kwamanye amagantsha ase-CNA.
    • Ifomu CK1 yenziwe ngamakhasi angu-3:
      • Ikhasi 1 no-2 agcwaliselwa zonke izicelo zokubhalisa
      • Ikhasi 3 ligcwaliswa kuphela uma kunamalunga angaphezu kwangu-4.
    • Ifomu kufanele ligcwaliswe ngo-inki omnyama, ngosonhlamvukazi.
    • Akukho ukuchibiyela okuvunyelwe.

  • Ifomu CK1 kufanele igcwaliswe futhi ithunyelwe eHhovisi Lokubhalisa Ama-Close Corporation ePitoli. Amafothokhophi awemukelekile.

  • EKhasini 1 lefomu CK 1 igama nenombolo yokusebenza ye-Accounting Officer kufanele kufakwe
    • Incwadi esayiniwe ye-Accounting Officer, eqinisekisa ukusiza i-CC. kufanele ihambisane namafomu e-CK 1.

  • I-Accounting Officer kufanele ibhaliswe nesisodwa salezi zikhungo:
    • I-South African Institute of Chartered Accountants (SAICA)
    • Abacwaningi mabhuku ababhalisiwe ngokwe-Auditing Profession Act, 2005 (CA).
    • I-South African Institute of Chartered Secretaries and Administrators (ICSA).
    • I-Chartered Institute of Management Accountants (CIMA).
    • I-South African Institute of Professional Accountants (SAIPA).
    • I-Institute of Administration and Commerce in Southern Africa othole i-Diploma ye-Accountancy (IAC).
    • I-Institute of Administration and Commerce in Southern Africa othole i-Diploma kwi-Cost ne-Management Accountancy (IAC).
    • I-Institute of Administration and Commerce in Southern Africa othole i-Diploma ye-Company Secretary (IAC).
    • I-Association of Chartered Certified Accountants (ACCA).
    • I-Chartered Institute of Business Management (MCIBM).
    • I-South African Institute of Business Accountants (SAIBA).

  • Incwadi eqinisekisa igama elibekiwe kufanele ihambisane nefomu CK1 egcwalisiwe

  • Linda izinsuku zokusebenza ezingu-5 zokulungiselelwa isicelo emva kokugcwalisa isitifiketi sokuqinisekisa sefomu CK1 eyamukelekile enenombolo yokubhalisa nosuku lokubhalisa siposelwe i-CC.

  • Okungesibo abaseNingizimu Afrika abafisa ukubhalisa njengamalunga e-CC e-RSA kufanele bathumele incwadi echaza lapho bevela khona, inombolo yepasipoti nosuku lokuzalwa futhi kufanele baye kuMnyango Wezasekhaya mayelana nezimvume zokusebenza nezokufuduka.

Isaziso Sokuchibiyela Isitatimende Sokuqalisa

Uma ushintsho lwenziwa kwi-close corporation ebhalisiwe, kubalulekile ukuba kwaziswe iHhovisi Lokubhalisa Ama-Close Corporation.

Isibonelo, ushintsho lungahambisana nobulunga (amalunga amasha afakiwe, amalunga ayekile, njll.) noma ushintsho mayelana ne-Accounting Officer, noma ikheli le-CC.

  • Ushintsho kufanele lubhalwe kwifomu "yeSitatimende Sokuqalisa Esichitshiyelwe" (CK 2). Ukufaka le fomu kumahhala futhi kungenziwa ngekhompyutha kwi-website ye-CIPRO.

  • Ifomu CK 2 ineNgxenye A neNgxenye B.
    • INgxenye A iphathelene noshintsho lwegama le-CC noma uhlobo lwebhizinisi.
    • INgxenye B iphathelene noshintsho lwemininingwane yobulunga.
    • INgxenye C iphathelene nomuntu oyekayo ukuba yilunga. Uma eshona, sicela ufake incwadi HHAYI isitifiketi sokufa.

  • Ushintsho oluphathelene ne-Accounting Officer noma ikheli elibhalisiwe, ifomu CK2A kufanele ifakwe.

  • Imali engu R30-00 ikhokhelwa izindleko zeNgxenye A, kodwa akukho mali ekhokhelwa iNgxenye B.

  • Ifomu CK2 kufanele igcwaliswe ngo-inki omnyama, kusetshenziswe osonhlamvukazi.

  • Ifomu CK2 esayiniwe kufanele ithunyelwe eHhovis Lokubhalisa Ama-Close Corporation ePitoli. Sicela ulinde izinsuku zokusebenza ezingu-15 zokulungisa.

  • Uma ushintsho selwenziwe, isitifiketi se-CK2, esiqinisekisa ukubhalisa ukuchibiyela sizothunyelwa kwi-CC.

  • Akukho ukuchibiyela okuvunyelwe kwifomu.


Terms and Conditions
and Privacy Statement Copyright © CIPC 2011