INgxenye A
Faka umaka noma isiphambano ukukhomisa ukuthi le ifomu yokucela igama, ifomu ehunyushiwe noma ifomu efinqiwe.
Unikezwa amagama aze abe isithupha, ngendlela okhetha ngayo.
-
Abafaka izicelo bayayalwa ukuba balethe amagama angaphezu kwelilodwa
-
Igama elingavezi uhlobo lwebhizinisi akulula ukuba lemukeleke e.g. “Doras,” esikhundleni “sika-Doras Fashions”.
Section B
Shiya le ngxenye ingenalutho. Ishiyelwe Ukusetshenziswa Yihhovisi.
INgxenye C
-
Isebenza uma kusetshenziswe igama noma igama nesibongo
-
Uma igama elivela kolunye ulimi olungaziwa lisetshenziswe njengengxenye yegama lenkampani
-
Uma igama eliceliwe lifana negama eselivese libhalisiwe
** (1) Ngokomthetho olawulayo ka 5 of 2009
-
Uma igama eliyicelo lifana nelinye igama kufanele ulethe incwadi osayincwe (senior office)
-
Ikhophi eqinisekisiwe kamazisi wabagondisi noma amalunga.
INgxenye D
-
Ifomu CK1 igcwaliswa ngosonhlamvukazi, ngokuthayishwa, ngokuprinta ngokucacile ngo-inki omnyama.
-
Uma umuntu esayina esikhundleni selunga, amandla ommeli kufanele afakwe.
-
Abancane (abaneminyaka engaphansi kwengu-18 ubudala), abantwana, nabanye abantu abakhubazekile ngokomthetho kufanele basizwe abazali babo, abaqaphi noma ababamele kuye ngokwesimo, futhi negunya kufanele lishiwo.
-
Uma kungekho mazisi oveziwe, isitatimende esibhaliwe mayelana nalokhu kufanele silethwe. Kulabo abangabokufika, ipasipoti nekhophi yayo, nencwadi ebhaliwe echaza ukuthi akusona isakhamuzi saseNingizimu Afrika izofuneka.
-
Le mininingwane elandelayo kufanele ifakwe ngaphansi kwesihloko esithi “ AMALUNGA”:
-
Isibongo. (Uma kungumuntu womthetho, chaza igama nesikhundla. Uma kuyi-trustee, nalapho kufanele usho igama nemininingwane ye-testamentary trust. Uma okhethiwe njenge-trustee, umlawuli, i-executer, i-curator, yisho isikhundla.)
-
Amagama aphelele.
-
Inombolo kamazisi.
-
Uma ingekho inombolo kamazisi, yisho usuku lokuzalwa ubheke iphuzu 5 ngenhla.
-
Uma kungumuntu womthetho, yisho inombolo yokubhaliswa
-
Usayizi wophawini welunga ubekwe ngamaphesenti. Uyingxenye ka-100%
-
Imininingwane yokufakiwe nenani lemali elifanelekile (uma kwenzeka)..
-
Ikheli lendawo.
-
Ikheli leposi.
-
Ukusayina kwelunga noma olimele (lapho kufanele khona).
-
Usuku lokusayina.
-
Uma kunamalunga angu-4 noma angaphansi, amakhansi 1 no-2 kuphela okufanele agcwaliswe. Ikhasi 3 kuphela okufanele ligcwaliswe uma amalunga engaphezu kwangu-4.
